Isibhaxu sesmvubu saphenduka isililo esimnandi 1
Uzobekezela mbhebhi inde legxoxo yami.
Ngathi ngikhetha ukubuyela ekhaya kunokuthutha nenkampani ngiyephesheya, maqede ngazakhela umuzi kababa eFankomo (phakathi kweNquthu neDundee). Sakhile la nomkami uMaNxumalo. Isakhiwo somuzi wethu asehlukile kwezasemadolobheni. Sifuyile futhi silimile kwazise ukuthi lendawo imilinywa amabhunu. Umkami unenkampani yabameli akahlali ndawonye, nezingane zethu ziziqhubela impilo le kude zibuya ngankathi. Sengize ngangena esikebheni (inhlangano elwanibugebengu) ngaze ngaba usihlalo nevolovolo lihlala lisesinqeni ngenxa yomsebenzi wamatekisi. Ashaya iNquthu to Dundee, Nquthu to Durban kanye neNquthu local. Isibhaxu ngiyasivusa ngoba ngisesikebheni nje futhi ngiyaziwa.
Le ekhweni lami sengifana nendodana yakhona ngoba uNxumalo wabanenhlahla yokuthola izintombi insizwa yaba yodwa nayo yazihambela nomkayo bayokwakha eKoloni. Ikhwe lami liseBabanango. Kunomemulo kaNosipho indodakazi kasibali uLungile olama umkami la ekhweni. Bayahleba bathi umula kanjani uNosipho ngoba akasaphelele? Konke lokho siyakuziba ngoba kuphoxa ingane *22yrs. Okuxakayo uNosipho akananhlonipho kanina uLungile, useke wamgoqa ngamazwi kwadumala wonke umuntu obeseduze. Kuze kwasiza mina nje engivele ngambuka ngeso elibi uNosipho lo wavele wazibonela nje ukuthi kuzomshubela. Phela uyazi naye ukuthi angizwani nengane engahloniphi.
YiSonto ekuseni emva komemulo sengizwa ngosibali uLungile ezikhalela. “Uyizwile nje ingane ingiphoxa phambi kwabantu Khabazela?” “Ngizwile sbali ifuna isibhaxu nje lengane futhi ngingayibhaxabula ngemvubu yenabe thwi.” “Ngizomletha evikini nje le eFankomo ukuze umbhaxabule sbali ” ” Umlethe impela sbali ngoba nomamkhulu wakhe usebenzela eBlomfonteni kulenyanga akekho ozolokhu engikhuza umasengimbhaxabula.” Sivumelane kanjaloke no Lungile.
ULwesibili ngiseFankomo umkami wahamba ngSonto kanye nezinsizwa zami ezifunda eNyuvesi yase Bloemfontein. Ngivuke ekuseni ngo 3h30 njengenjwayelo, ngichathe ngigeze ngenze neminye imisebenzi yami yasekuseni. Kuthi ngabo 9h00 sengikhiphe nemfuyo yami ngayifaka edlelweni memfu imoto kaLungile. Ngithi ngiyamhlangabeza, aphume emotweangimemeze “Angingeni wesibali ungaze uvule lamasango akwakho awu 100 ?, ngilethe lesichwensisami. ” Nangempela aphume uNosipho emotweni angene ngamasango amancane aze azofika kimi, unina nanguya eyosithela cishe ujahe emsebenzini ngoba ufundisa ezikoleni zase Rorkesdrieft.
“Sawbona baba ” ngivukelwe ukucasuka kwangomemulo kodwa ngizibambe “Yebo ntombi, basaphila ekhaya? Ngena endlini lapho uyobeka izikhwama zakho ekameleni lakho. ” Phela ujwayele ukuvakasha useyalazi nekamelo lakhe. Ngivele ngingapholisi maseko, ngimlandele sengiphethe imvubu yami yasesikebheni. Futhi akukho okunye ngizosibhaxabula lesisichwensi….
One Comment
Nice Story lol haha